Okuthunyelwe

Ibonisa okuthunyelwe kusuka ku-Agasti, 2024

I-TS Galaxy isikuqinisekisile ukusayiniswa kukaOlwethu Khumalo

Isithombe
19 kuNcwaba (Agasti) 2024 I-TS Galaxy isimemezele ekhasini layo likaFcebook ukuthi isisayinise umdlali weMarumo Gallants uOlwethu Khumalo . Lo Mdlali onguMgadli owayekade edlalela i-Moroka Swallows (ngeSizini eyedlule )esithengwe yi-Marumo Gallants, wazakhela igama ngenkathi esagijima kwiRandburg AFC u19 kuGauteng Development League(GDL) lapho ayehlohla khona amaGoalie sengathi uyabukisa. Ukudla kwakhe uBhedu kuGDL kwamenza wabona yi-Moroka Swallows ngeSizini ka 2023\24 , nakhona wafika wenza ezibukwayo. AmaRockets(TS Galaxy) alokhu eqhubeke njalo ethungatha iThalente elisafufusayo ikakhulukazi kuRerseve League yaseNingizimu Afrika eyaziwa ngokuthi Diski Challenge. Kuleli Windi amaRockets asesayinise nabanye abadlali kubo uKhulumani Ndamane ojoyine kuleli esuka kuKaizer Chiefs. UKhumalo uba umdlali weShumi ukusayinisa kuleli Windi ngemuva kukaNdamane, Victor Letsoalo, Thamsanqa Masiya, Siphesihle Maduna, Ntiyiso Bombi, Qobolwakhe Sibande, Eliza Ira Tape, Jegbay Morris no-Emmanue...